Musa Nzimande
Yini ukuhlehla na? Kulula, uma umuntu ubesohambweni olubheke phambili abese eqoma ukungajiki afulathele uhambo kodwa ebe ebuyela emumva ngezinyawo: lokho kungukuhlehla. Uma umzalwane ebekholwa elangazelela, futhi ekhula Ku Christu Abe eseqoma ukungajiki afulathele ukukholwa kodwa ngezenzo angakhuli ekumesabeni uNkulunkulu nase bungcwekeni singasho ngokuphelele ukuthi uyahlehla.
Njengesitimela kumbe imoto emugwaqweni ekungenakubuyelwa kuwo emumva, uma isitimela kumbe imoti kungayi phambili futhi kungamili kusobala kuyahlehla. Njengalokhu sikuyi inkolo yobu Khristu abaningi abafuni ukubuyela ezonweni kucace kuwo wonke umuntu ukuthi bakuzo kodwa bama kuwo umgwaqo wikukholwa kodwa bangayi phambili kunalokho babuyele emumva kodwa bebheke phambili. Sikubiza ngesilungu ukuthi “Backsliding”.
Asithole ukuthi Inkosi Nkulunkulu ithini ngezwi layobngalokhu
Izaga1
32Ngokuba ukuhlehla kwabangenalwazi kuyakubabulala, nokunganaki kweziwula kuyakubabhubhisa.
33Kepha ongilalelayo uyakuhlala elondekile, agcineke, angabi naluvalo ngokubi.”
Kulencwadi sithola ukuthi ukuhlehla kwakhiwa ukungabi nalwazi okungukwenziwa ukungamulaleli uNkulunkulu. Lesi senzo ngokwezwi lika Nkulunkulu kunemiphumela emibi:
Umphumela wokuqala ukubhujiswa: yini ebhubhisa umuntu kulokhu? Lithi izwi indlela abayithathile iyo ebabhubhisayo. Njengemoto erobhothini uma ihlehla izithela engozini. Uma uhlehla kuNkulunkulu uzithela kukho okungemva kwakho Usathane osilandela mihla namalanga. Uzithela ekwahluleleni umuntu abesedlulile kukho NGO Khristu uJesu ngokukholwa kuye. Uma umuntu ehlehla ubuyela enkambweni yakhe yakudala abesedlulile kuyo emuyisa esihogweni. Buyani ekuhlehleni nibuyele kuNkukunkulu.
Okwesibili lithi izwi ukuhlehla kudalwa ukunganaki. Ukunganaki ukumesaba uNkulunkulu, ukumlalela nokumkhonza ngenhkiziyo emhliphe. Nakani okwaphezulu lapho uKhristu ekhona, ninganaki okusemhlabeni (Kwabasekolose 3:2). Ukhristu uphezulu ebungcweleni nenkazimulo umhlaba ungemumva nenkanuko namanyala. Thina simelwe ukunaka okusenkazimulweni ubuhle nobungcwele. Sikhohlwe izinkanuko zenyama namanyala okusemhlabeni.
Ubungizi besibili bokuhlehla kuvela ekunganakini. Uma ubuka izaga 1:17
Ngokuba inetha lenekelwe ize emehlweni azo zonke izinyoni.
Uma unganaki unjengenyoni endiza ize iyokhungeka enethini elibekwe emhlabeni ukubamba izinyoni zonke ezinganaki. Kulendaba inethi libekwe njengento ecushelwe bonke abahamba ngokunganaki bewela esilingweni isishonisayo nesibhubhisayo, lokho kubadonsela esihogweni ngenxa yokuhamba ngokunganaki.
Bazalwane inkosi yasiyala ngokuhamba ngokunganaki nanjengabayiziwula
Kwabase Efesu 5
14Ngalokho uthi: “Phaphama wena oleleyo, uvuke kwabafileyo, uKristu uzakukukhanyisa.”
15 Ngakho-ke bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, kungabi njengabangahlakaniphile kepha njengabahlakaniphileyo,
16nithengisise isikhathi, ngokuba izinsuku zimbi.
17 Navigo ningabi yiziwula, kodwa qondani okuyintando yeNkosi.
Qaphela, Nakisisa okwenzayo inkosi iyeza futhi iyabuka ukwenza kwakh0.
Ungabe thina kusifanele yini ukuhlehla?
Kumaheberu 10
38kepha olungileyo wami uyakuphila ngokukholwa; kepha uma ehlehla nyovane, umphefumulo wami awunakuthokoza ngaye.
39 Kepha thina asisibo abokuhlehlela ekubhujisweni, kodwa singabokukholwa, kuze kube ngukusindiswa komphefumulo.
UYABONA Na! Thina asisibo abokuhlehla futhi inkosi ayithokozi nakancane ngabahlehkayo. Ngakho yekela ukuzikhohlisa, HLUKANA nokuhla ngoba INKOSI IYABUYA futhi IYABUKA.