Nqobile 3: Q & A
Can we pray for sinners? What if they are not elect? Is repetition wrong.
Lemibuzo ngingathanda ukuyiphendula ngisuka ngemuva ngiya ngapgambili.
KUNGABE KUYIPHUTHA YINI UKUPHINDAPHINDA AMAGAMA UMA UKHULEKA?
Impendulo ecacile ithi YEBO. Ngikusho lokhu ngoba iNkosi uJesu ike yakhuluma ngalesisenza ku Matthew 6:7-8 (kodwa nxa nikhuleka ningathemelezi njengabezizwe, ngokuba bathi bayakuzwiwa ngokukhuluma kwabo okuningi). Uma sikhuleka kufanele sisho sikhuleke njengoba iNkosi ifundisile ku (Matthew 6:9-13).
Umbuzo 2.
KUNGABE SINGAZIKHULEKELA YINI IZONI? UMA KWENZEKA UKUTHI AZIKHETHWANGA?
Uma singabazalwane kufanele sihlale sinxanele ukuthi abantu baphendukele eNkosini. Kungabe sisenayo yini intshisekelo eyahlupha omunye wama Reformers angaphambili ubaba u George Whitefield? Owathi " Nkosi uma ngingasaphileli ukulanda imiphefumulo, thatha owami umphefumulo"
Nobaba uJohn Knox owathi "uma lingasaphenduki izwe lakithi e Scottland, thatha owami umphefumulo Nkosi". Ukukhetha abantu kungokuka Nkulunkulu, kanti futhi thina sinikiwe ilungelo lokucela konke okusentandweni kaNkulunkulu. Kungabe kuyintando kaNkulunkulu ukuthi abantu basindiswe?
1 Timothy 2:3-4 iZwi liveza ukuthi uNkulunkulu uyathanda abantu bonke basindiswe bafinyelele ekulazini iqiniso. 2 Peter 3:9 iNkosi ayifuni abantu babhubhe kodwa beze ekuphendukeni. Ngakhoke uma sikhulekela abangakholwa sikhuleka ngentando jaNkulunkulu. Kusho ukuthi kufanele sibakhulekele.
UNkulunkulu nguye owamisa konke, wakhetha abantu ngaphambi kokusekelwa komhlaba( Ephesians 1:4). Ukukhetha kusecebeni lakhe, alukho uphawu olubekwa kwabakhethiweyo olungaphandle ukuze ukwazi ukubabona. Uma unovalo lokuthi ungaba necala lokuthandazela umuntu kant akakhethiwe, kangakanani kunokuthi ungathandazi kanti uNkulunkulu umkhethile.
Kungabe uNkulunkulu usindisa labo esibakulekele bodwa yini? Cha, nakanye kodwa uNkulunkulu uyayisebenzisa imikhuleko yabazalwane ukuze afeze icebo lakhe. Kungani uNkulunkulu ekhetha abantu?
1. Ngokuba kuhle kuye (Ephesians 1:4-5)
2. Ukuze aveze amandla akhe (Romans 9:22)
3. Ugqugquzelwa ulwazi lwakhe lwangaphambili (foreknowledge) ( Romans 8:29)
4. Ngothando lwakhe olukhethekileyo ( 2 Thessalonians 2:13).
Ngakhoke ukukhetha kungokuka Nkulunkulu, thina sifanelwe ukubakhulekela abangakholwayo njengeNkosi yabakhulekela esiphambanweni (Luke 23:34) (John 17) noStefanu wabakhulekela ukuba isono sabo sokumkhanda ngamatshe singabalelwa kubo.
Ukucacisa kabanzi, ukuphinda umkhuleko akulona iphutha kodwa ukuphindwa phindwa kwamagama emkhulekweni kuyiphutha. UJesu siyambona ephindaphinda umkhuleko eGetshemane. Kanye no Phawulu ekhulekel iva enyameni.
Kodwa ukuphindwa phindwa kwamagama ayize kuyiphutha