Q&A
Prayer: knowing that God will do His will, and that he knows what we need, why is it necessary to pray? To put this question in another way: does the doctrine of predestination discourages prayer?
Lombuzo ubalulekile kakhulu kulesikhathi lapho khona abantu kunezinto eziningi abazikholwayo mayelana nomthandazo. Abanye bathi 'biza into oyifunayo uzoyithola', 'umthandazo ushintsha izinto' noma ' konke kuyenzeka ngomthandazo'. UJohane usitshela okuhlukile, ' 14 Yilesi sibindi esinaso kuye sokuthi, uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa. 15 Uma sazi ukuthi uyasizwa noma sicelani, siyazi ukuthi sinakho esikucelileyo, esikucele kuye.'~EkaJohane 5. UJohane usitshela ukuthi kunentando kaNkulunkulu ngale kwemithandazo yethu.
Umbuzo omkhulu uthi njengoba uNkulunkulu wamisa zonke izinto ezizokwenzeka futhi akukho okwenzekayo ngaphandle kwalokho uNkulunkulu akumisa ngaphambilini, pho siyini isidingo somthandazo?. Efesu 1:11' kuyena esabelwa futhi ifa kuye, esakumiselwa ngaphambili ngokwesimiso salowo osebenza izinto zonke ngokunquma kwentando yakhe,'. Futhi akekho ombonisayo uNkulunkulu nongamshintsha umqondo, ngisho imithandazo yethu ayikwazi ukumshintsha kulokhu akunqumile ngokwentando yakhe, ' Ngokuba “ngubani owawazi umqondo weNkosi na? Nokuba ngubani owaba ngumeluleki wayo na?” ~Roma 11:34.
Umbuzo uthi yingani kumele sithandaze? Omunye angathi, sithandaza ukuze samukele lokhu esikucelayo kuNkulunkulu, lokho kungaba esinye sezizathu sokukhuleka kodwa akusona izizathu esimqoka. Umkhuleko awukho mayelana nomuntu ngaphezu kokuthi umayelana noNkulunkulu. Ngifisa sibheke izizathu ezimbalwa mayelana nomthandazo.
KOKUQALA
Okokuqala nokuyikho okubaluleke kakhulu, uma sithandaza uNkulunkulu uthola udumo noma uyahlonipheka njenga noNkulunkulu. UNkulunkulu ufuna sihlezi sazi ukuthi ungo "ophakamileyo nophezulu, ohlala kuze kube phakade,"~Isaya 57:15. Uma sithandaza ukuze kube khona abasindiswayo, uNkulunkulu usuke efuna sazi ukuthi" Ukusindiswa kukuye uJehova"~Jona 2:9
*Emthandazweni sidumisa uNkulunkulu ngaphezu kokuthi sisuke sicela, okuyinto uNkulunkulu ayifunayo. Ngomthandazo sicela umusa kuNkulunkulu, sethembe ubuhle bakhe, intando yakhe, ukungaguquki kwakho, ukubusa nokuphakama kwakhe, icebo lakhe futhi sizithoba kwintando yakhe ngalokho uNkulunkulu uyadumiseka.
*Umkhuleko ukhazimulisa uNkulunkulu, lapho sikhombisa ukuncika okuphelele kuye, futhi sethemba ukuthi zonke izipho ezinhle zivela kuye owenzile izulu nomhlaba ngalokho uNkulunkulu uyakhazimuliseka.
OKWESIBILI
Okwesibili emkhulekweni ilapho sicela izinto esizifunayo kuNkulunkulu. Ilapho sibakhona nombuzo othi 'uma uNkulunkulu emisile zonke izinto ezizokwenzeka ngaphambi kokusekelwa kwezwe', pho sikuphi isidingo somkhuleko? Uma kuyiqiniso ukuthi, " Ngokuba konke kuvela kuye, kukhona ngaye, kuya kuye; makube kuye inkazimulo kuze kube phakade. Amen."~Roma 11:36, pho siyini isidingo somkhuleko? Umthandazo awusiko ukutshela uNkulunkulu izinto angazazi, " uYihlo uyakwazi enikuswelayo ningakaceli kuye."~Mathewu 6:8 kodwa emthandazweni ilapho sazisa(acknowledge) khona uNkulunkulu, ukuthi unguNkulunkulu owazi konke, nomise konke ngokwecebo lakhe. Umbuzo usamile njengoba uNkulunkulu emise zonke izinto ngaphambili futhi zonke izinto zenzeke ngokwecebo lakho, pho siyini isidingo somkhuleko? Impendulo eqondile ukuthi sithandaza ngoba uNkulunkulu usiyale kanjalo, " khulekani ningaphezi;"~1Thes 5:17 futhi " bamelwe ukukhuleka njalo, bangadangali."~Luka 18:1. Izwi lisivezela ukuthi" Umkhuleko wokukholwa uyakumsindisa ogulayo" nokuthi " Umkhuleko oqinileyo wolungileyo unamandla kakhulu."~EkaJakobe 5:15,16. UJesu isibonelo sethu kwizinto zonke, nakube wayenamandla phezu kwakho konke, kodwa wazinikela ekukhulekeni, lokho kusho lukhulu mayelana nomkhuleko kodwa akuwuphenduli ngokuphelele umb wethu.
Asikugcizelele ukuthi umkhuleko awumenzi uNkulunkulu ashintshe umqondo wakhe mayelana nalokhu azokwenza. uNkulunkulu umisile zonke izinto ezizokwenzeka, nezindlela ezizosetshenziswa ukuze lezozinto zenzeke. uNkulunkulu ukhethile abantu abazokusindiswa(Efesu 1:3), waphinde wamisa ukuthi bayakusindiswa ngokushunyayezwa ivangeli(Efesu 1:13& Roma 10:13-17). Njengalokho ivangeli liyindlela uNkulunkulu asindisa ngayo abakhethiwe kanjalo ezinye izinto zimiswe ukwenzeka ngomthandazo. Izibonelo: nakuba u Eliya wayazi ukuthi imvula izakuna kodwa lokho akumvimbanga ukuthi akhuleke(Jakobe 5:17,18). UDaniyeli wayiqonda incwadi yomprofethi nokuthi kwakunini ukukhululwa kwabo kodwa lokho akumvimbanga ukukhuleka(Daniyeli 9:2,3). uNkulunkulu watshela umprofethi uJeremiya ukuthi, " Ngokuba ngiyazi mina imicabango engiyicabanga ngani,” usho uJehova, “imicabango yokuthula kungengeyobubi ukuba ngininike isikhathi esizayo nethemba." kodwa ngemuva kwalokho waphinde wabayala wathi "Niyakungibiza, niye ukukhuleka kimi, ngiyakunizwa"~Jeremiya 29:11,12
Ngalokhoke, umi kanjalo umkhuleko, ayi ukushintsha intando kaNkulunkulu kodwa ukuthi intando yakhe yenzeke ngesikhathi asimisile, nangendlela ayimisile yena. Ngokuba uNkulunkulu kunezinto azimisile, lokho kufanele kusenze ukuthi sithandaze ngethemba nesiqiniseko. Kuyintando kaNkulunkulu ukwenza intando yakhe, esebenzisa imithandazo yethu. Nakuba uJesu wayazi ukuthi uzophakanyiswa ngokufa kwakhe nokuvuka kodwa uyathandaza uthi, " manje-ke ngikhazimulise wena Baba, kuwe uqobo, ngenkazimulo ebenginayo ngikuwe, izwe lingakabikho."~Johane 17:5.
Ekugcineni, kumele sazi ukuthi uNkulunkulu akashintshi, uma into ethi uzoyenza akashintshwa nayimithandazo yethu emide yenyembezi, " Wayesethi uJehova kimi: “Noma bekumi phambi kwami oMose noSamuweli, inhliziyo yami ibingebe kulaba bantu; balahle ebusweni bami, baphume."~Jeremiya 15:1. Ungakhumbula nokuthandaza kaMose ukungena eKhenana ukuthi waliwa nguNkulunkulu. Imicabanga yethu ngokuthandazo kumele ihambisa nalokhu okufundiswa yizwi leNkosi. Ebesikwazi ukuthi uma ngike ngathandaza nakanjani izinto zizokwenzeka, lokho kuwukungamhloniphi uNkulunkulu, nokumenza inceku, ekutheni wenza noma yini esiyicelayo noma ingekho ecebeni lakhe. Uma sithandaza sisuka sicela kuNkulunkulu esikufunayo bese siphumula ecele lakhe, ilowo umthandazo ophakamisa uNkulunkulu wehlise umuntu. Umthandazo uhlonipheka kuNkulunkulu uma emoyeni wami ngithi "makwenzeke intando yakho Nkosi". Okusho ukuthi uma uNkulunkulu esuke ephendula imithandazo yethu, akusiko ngoba imithandazo yethu inamandla okushintsha uNkulunkulu kodwa ingoba kusuke kusecebeni. Yini kumele sithandaze? uNkulunkulu umise umthandazo ukuthi ibe yezinye zezindlela enza ngayo intando yakho.
Sesivala ngifisa sichaze ama verses kwi bible ekungenzeka asishiye sinemibuzo.
1 Eka Johone 5: 14 Yilesi sibindi esinaso kuye sokuthi, uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa. 15 Uma sazi ukuthi uyasizwa noma sicelani, siyazi ukuthi sinakho esikucelileyo, esikucele kuye.
Umthandazo oyiwona, ilapho khona umqondo kaNkulunkulu uhambisa nomqondo wethu, lokhu uNkulunkulu afuna ukukwenza kuyilokhu esikufunayo, ilapho kusuke kuhlangana khona amandla kaNkulunkulu nemikhuleko yabazalwane.
Johane 16:23 " Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Lokhu eniyakukucela kuBaba egameni lami uyakuninika khona."
Njengoba sazi ukuthi akukho ukuphikisana kwizwi leNkosi, ngalokhoke siyazi ukuthi lamazwi ahambisana nalawo kaJohane "ukucela ngokwentando". Kuyini ukucela engamini likaJesu? Ukucela egameni likaJesu, ukucela lokho okuhambisana nemvelo kaJesu noma nalokho ayikho uJesu. Ukucela egamini lika Jesu, ukucela lokhu uJesu abezokucela uma bekuwuye othandazayo noma uma singayibeka ngenye indlela, kuwukushiya intando yethu sicele ngokwentando kaNkulunkulu.